izivumelwano zamagama

IsiZulu ulimi lokuqala lokwengeza

Ibanga 10

Izivumelwano Zamagama

  • Ukuze umusho wakheke kahle kumele kube khona izingxenye ezingaseqaleni kwamagama eziletha ukuvumelana phakathi kwawo. Ngaphandle kwalezi zingxenyana umusho awuzwakali kahle.

  • Sinalezi zinhlobo-ke zezivumelwano nezibonelo zakhona esiZulwini:

  1. Ezenhloko/umenzi

  • Mina ngiyamuthanda ugogo

  • Abantu bayingenisa inganekwane ngokuthi, “kwesukasukela bese abalalele bavume ngokuthi Cosu.”

Amagama ‘mina nabantu’ kule misho esebenze njengomenzi. Izakhi (ngi-&ba) izivumelwano zenhloko. Zilethe ubudlelwane phakathi kwenhloko noma umenzi namagama alandisayo (ngiyamthanda & bayangenisa).

  1. Ezikamenziwa:  

  • Mina ngiyamuthanda ugogo.

  • Abantu bayingenisa inganekwane ngokuthi, “kwesukasukela bese abalalele bavume ngokuthi, Cosu”

  • Amagama adwetshelwe (ugogo & inganekwane) kule misho asebenze njengomenziwa. Izakhi (-mu-&yi-) izivumelwano zikamenziwa.

  • Zilethe ubudlelwane phakathi kwamabizo angumenziwa namagama alandisayo (ngiyamthanda & bayangenisa).

  1. Ezesichasiso:

  • Ezisiphawulo: kumndandi ukuba nogogo omuhle

  • Esesibaluli: usixoxela izinhlobo ezahlukene zezinganekwane: izinganeko, imizekeliso nezinsumansumane.

  • Ezobumnini: kuthiwa phela inganeko ngoba iphathelene nenkolo,isebenzisa uMdali njengomunye wabalingiswa.

  • Ezenani: Langa limbe kwakukhona ukuthi nokuthi.

  • Amagama (omuhke, ezahlukene, wabalingiswa & limbe) kule misho enza umsebenzi wokuchasisa. Izakhi (omu-, e-, wa- & li-) zibizwa ngokuthi izivumelwano zesichasiso: ezesiphawulo, ezesibaluli,ezongumnini nezenaningokwehlukana.

  • Zilethe ubudlelwane phakathi kwamabizo namgama achazayo kule misho.

  • Ngaphandle kwazo ngeke izwakalale kahle inkulumo njengoba sibona kulesi sigaba sendaba esingenhla.