izivumelwano zamagama
IsiZulu ulimi lokuqala lokwengeza
Ibanga 10
Izivumelwano Zamagama
-
Ukuze umusho wakheke kahle kumele kube khona izingxenye ezingaseqaleni kwamagama eziletha ukuvumelana phakathi kwawo. Ngaphandle kwalezi zingxenyana umusho awuzwakali kahle.
-
Sinalezi zinhlobo-ke zezivumelwano nezibonelo zakhona esiZulwini:
-
Ezenhloko/umenzi
-
Mina ngiyamuthanda ugogo
-
Abantu bayingenisa inganekwane ngokuthi, “kwesukasukela bese abalalele bavume ngokuthi Cosu.”
Amagama ‘mina nabantu’ kule misho esebenze njengomenzi. Izakhi (ngi-&ba) izivumelwano zenhloko. Zilethe ubudlelwane phakathi kwenhloko noma umenzi namagama alandisayo (ngiyamthanda & bayangenisa).
-
Ezikamenziwa:
-
Mina ngiyamuthanda ugogo.
-
Abantu bayingenisa inganekwane ngokuthi, “kwesukasukela bese abalalele bavume ngokuthi, Cosu”
-
Amagama adwetshelwe (ugogo & inganekwane) kule misho asebenze njengomenziwa. Izakhi (-mu-&yi-) izivumelwano zikamenziwa.
-
Zilethe ubudlelwane phakathi kwamabizo angumenziwa namagama alandisayo (ngiyamthanda & bayangenisa).
-
Ezesichasiso:
-
Ezisiphawulo: kumndandi ukuba nogogo omuhle
-
Esesibaluli: usixoxela izinhlobo ezahlukene zezinganekwane: izinganeko, imizekeliso nezinsumansumane.
-
Ezobumnini: kuthiwa phela inganeko ngoba iphathelene nenkolo,isebenzisa uMdali njengomunye wabalingiswa.
-
Ezenani: Langa limbe kwakukhona ukuthi nokuthi.
-
Amagama (omuhke, ezahlukene, wabalingiswa & limbe) kule misho enza umsebenzi wokuchasisa. Izakhi (omu-, e-, wa- & li-) zibizwa ngokuthi izivumelwano zesichasiso: ezesiphawulo, ezesibaluli,ezongumnini nezenaningokwehlukana.
-
Zilethe ubudlelwane phakathi kwamabizo namgama achazayo kule misho.
-
Ngaphandle kwazo ngeke izwakalale kahle inkulumo njengoba sibona kulesi sigaba sendaba esingenhla.