ukubhalwa kwencwadi

Ibanga 11

Amanothi okubhlwa kwencwadi yasemthethweni.

Incwadi yasemthethweni

·         Ikheli lokuqala elalowo obhalayo, liba nosuku icwadi ebhalwe ngalo.

·       . Ikheli lesibili kwesokunxele liqala ngesikhundla salowo obhalelwayo.

·         Kuba nesibingelelo esifanelekile singanqanyulelwa. Isibonelo: Mnumzane, Nkosazana noma Nkosikazi.

·         Isihloko obhala ngaso siqala ngofeleba igama negama. Lesi sihloko sibhalwa ekuqaleni komugqa bese uyasidwela.

·         Emzimbeni wencwadi kusetshenziswa ulimi oluqondile nolulula ukuze lo ombhalelayo akuqonde okushoyo.

·         Umbhalo mawucace, uhleleke kahle futhi unembe ukuze ombhalelayo angakufuniseli okushoyo.

·         Lokhu kusiza ngokuthi ombhalelayo awumchitheli isikhathi sakhe.

·          Isiphetho siba negama eliphelele nesibongo sobhalayo Kanye nobulili noma nesikhundla.

·         Izikhundla nobulili bufinyeziwe bufakwe nakubakaki. Isibonelo: uMnu, Dkt, njalonjalo.

Lesson Files
Lesson Questions